Kubuyise ithemba emphakathini wesifunda saseMajuba ukuboshwa komsolwa oyamaniswa nesigameko sokubulwa ngesihluku kweNkosi yesizwe sakwa khumalo kanye noNdlunkulu wayo,nokubikwa ukuthi badutshulwa babulawa ngabasolwa ababili ngasemgwaqeni uR34 eBaltusspruit,eNhlanzadolo ngoOctober 2023.labasolwa ababeshamba ngemoto kubikwa ukuthi bavulela ngenhlamvu bebhekise emotweni eyayihamba iNkosi Sphamandla Khumalo nomkakhe uNdlunkulu UThuthukile Khumalo nendodana yabo eyayineminyaka emine (4) ubudala, labasolwa badubula amahlandla amaningi bazebaphuma emotweni baqhubeka nokudubula bebhekise emndeni wakwaKhumalo kwasinda ngokulambisa indodana yabo.
osukwini lwanamhlanje kubanjwe umhlangano weDistrict Municipal Rapid Response kulandela ukuboshwa kwalomsolwa oneminayaka engu 29 ubudala oyamaniswa nalesigameko sokubulwa ngesihluku kweNkosi yesizwe sakwa khumalo kanye noNdlunkulu wayo.Ikhuluma kulomhlangano iNduna emele Inkosi Zwane ibonge umsebenzi omuhle nokuzinikela okukhonjiswe abezomthetho ekuqinisekiseni ukuthi labo abathintekayo kuleli cala bayabanjwa futhi babhekane nengalo yomthetho.
Lomhlangano buholwa nguSomlomo kaMasipala wesifunda Amajuba uKhansela uMntwana Siphamandla Zulu uyinkundla ehlanganisa iminyango kaHulumeni,izinhnhlaka zezomthetho,ubuholi bendabuko kanye nababambiqhaza bomphakathi ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi isifunda sikulungele ukuphenddula ngokushesha izinselele ezithinta imphakathi.
Wesekelwe nguMphathi kaMasipala Wesifunda Amajuba, uNkk. C.B. Mkhize, kanye noMajor General Alexander nabanye ababambiqhaza abazibophezele ekuthuthukiseni impilo nokuphepha kwabantu baseMajuba.

