UNgqongqoshe Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba ZoMdabu, uhlanganyele nezinkulungwane zabesifazane emhlanganweni
womkhuleko wabesifazane bezifunda ezahlukene obuhlelwe yiBandla iThe Twelve Apostles Church in Trinity, ngaphansi kwesifunda saseGreytown, eMhlakothi Sports Ground eMsinga.
Lo mhlangano uthathe izinsuku ezintathu,kanti uhlanganise abesifazane abangaphezu kwezinkulungwane eziyishumi abavela ezifundeni ezahlukene zebandla.
UNgqongqoshe Hlabisa uhambele usuku lokuvala lomkhuleko, ehambisana neMeya yesiFunda sase-uMzinyathi, uCrll T.H. Mchunu, iMeya yoMkhandlu waseMsinga uCllr Dr FJ Sikhakhane iMeya yaseEndumeni, uCllr A.M. Mkhize, kanye namakhansela.
Ekhuluma nebandla, uNgqongqoshe Hlabisa uncome abesifazane ngokukhuthazeka
kwabo, ubuholi, uzwelo, kanye nokuzinikela kwabo ekwakheni isizwe. Ugcizelele ukuthi abesifazane bayinsika yomphakathi futhi banamandla okwakha umphakathi oncono.

