Kudutshulwe kwabulawa umsolwa okukholakala ukuthi ubeyingxenye yeqembu labaphangi ngesikhathi edubulana namaphoyisa endaweni yamapulazi ephakathi kweDundee neGlencoe ngasemgwaqeni waseWasbank.
Ngokusho komkhulumeli wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Paul Magwaza, amaphoyisa ayelandele ulwazi olwalukhomba ukuthi kusolakala ukuthi kunabaphangi ababecashele kulelo pulazi.
Kuthe ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni, kwaqubuka ukudubulana phakathi kwawo nabasolwa. Omunye wabasolwa wadutshulwa washona endaweni yesigameko, kwathi abanye abathathu babaleka ngezinyawo.
Akukho lungu lamaphoyisa elilimele ngesikhathi kuqhubeka ukudubulana.
Amaphoyisa athi uphenyo ngalesi sigameko lusaqhubeka.
