UMnyango wezokubusa ngokuBambisana neZindaba zomdabu esfundazweni saKwaZulu-Natal oholwa uMfundisi uThulasizwe Buthelezi uthumele amathimba abhekelele izinhlekelele ukulekelela kulandela isigameko esenzeke endaweni yaseMsunduzi eJika Joe Informalsettlement nokulapho kubenomlilo olimaze khona imizi eminingi.
Kulesisgamelo kucekeleke phansi imikhukhu engaphezu kuka 400,abantu abane baphithunyiswe esibhedlela ngenxa yokulimala kanti oyedwa kubikwa ukuthi ubengakatholakali.
Umnyango wezokubusa ngokubambisana ngokusebenzisana nezinhlangano ezisebenzisana nomphakathi kanye nomasipala basebenza ngokukhulu ukuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi izisulu ziyaluthola usizo
UNgqongqoshe uButhelezi ushayele ihlombe amathimba ezinhlekelele kaMasipala nasebenze ngokukhulu ukuzikhandla ukucisha lomlilo
