UMengameli we-ANC, uCyril Ramaphosa, uthi iqembu lakhe libheke ukuthi izifundazwe i-Eastern Cape neLimpopo zibe yizona ezihola phambili ekuletheni amavoti amaningi okhethweni lohulumeni basekhaya oluzoba ngoNovemba.
URamaphosa ube ekhuluma ngesikhathi kwethulwa uhlelo lwamavolontiya azokhankasela i-ANC, lapho eveze khona ukuthi iKwaZulu-Natal neGauteng, okuyizifundazwe ezinabavoti abaningi, zibe nezinselelo eqenjini eminyakeni edlule.
Uthe i-Eastern Cape neLimpopo yizona izifundazwe ezithembele kuzo kakhulu ukuze i-ANC ithole imiphumela emihle okhethweni.
URamaphosa unxuse amalungu e-ANC ukuthi aqinise umkhankaso futhi alalele izikhalo zomphakathi. Uthe uma abantu bebona ukuthi izidingo zabo ziyalalelwa futhi ziyaxazululwa, bazokweseka i-ANC.
Uphinde wathi iqembu lizokwethula izethembiso zalo zokhetho ngo-Okthoba, ezigxile ekudaleni amathuba emisebenzi, ukukhulisa umnotho kanye nokwakha ingqalasizinda efana namadamu namabhuloho.
Ekugcineni, unxuse intsha ukuthi ibhalisele ukuvota, ethi ukubamba iqhaza kwabantu abasha kubalulekile ekusaseni lezwe.
