UNgqongqoshe Wezangaphandle wase-Israel, uGideon Saar, useziphikile izinsolo zokuthi izwe lakhe lixhasa ngezimali imibhikisho yokulwa nabokufika eNingizimu Afrika.
Lokhu kulandela amazwi kaNgqongqoshe Wezobulungiswa, uMmamoloko Kubayi, othe kunamazwe angaphandle angase abe nesandla ekuxhaseni le mibhikisho ngenxa yokuthi iNingizimu Afrika yavulela i-Israel icala eNkantolo Yamazwe Ngamazwe (ICJ) mayelana nempi yaseGaza.
USaar uzichithile lezi zinsolo, wathi azinasisekelo futhi uKubayi akazange aveze ubufakazi obuxhumanisa i-Israel nale mibhikisho. Uphinde wagxeka uhulumeni waseNingizimu Afrika ngokuzama ukusola i-Israel esikhundleni sokubhekana nezinkinga zangaphakathi, okuhlanganisa nodlame olubhekiswe kubokufika.
Uthe iNingizimu Afrika kumele iyeke ukufaka i-Israel ezindabeni engahlangene nazo.
INingizimu Afrika yafaka icala eNkantolo Yamazwe Ngamazwe ngasekupheleni kuka-2023, isola i-Israel ngokwephula umthetho wamazwe ngamazwe empini yaseGaza. Icala lisaqhubeka, kanti akukacaci ukuthi lizophothulwa nini.
