Iqembu Freedom front plus ligxeke uMengameli uCyril Ramaphosa,ngokwehluleka ukuxhumana namaqembu ayigxenye yamaqembu kaHulumeni wobambiswano, ngaphambi kokuqoka uAyanda Dlodlo njengenxusa lakuleli,ezweni laseFrance.
UDlodlo,usekewaphatha izikhundla ezahlukene kwikhabhinethi yakuleli,kulo lelihlandla likaMengameli uRamaphosa, okubalwa kuzo isikhundla sokuba uNgqongoshe wezokuxhumana, nowe zokukuvikelwa kombusa.Ungene esikhundleni esashiywa uNathi Mthethwa owadlula emhlabeni ngonyaka owedlule ,ngemuva kokuwa estezi samashumi amabili nambili eHotela eFrance.
LeliQembu kubikwa ukuthi likugxekile ukuqokwa kukaDlodlo, nokuvela ukuthi wachaphazeleka ekhomishaneni eyayiphenya ngezinsolo zokuqhwagwa kwamandla ombuso ngonyaka ka 2021.
Umholi weFreedom Front Plus iDokotela uCorné Mulder uthi bayakuqonda ukuthi amandla alele kuMengameli kodwa okwamanje akubusi iqembu elilodwa.wathi uMengameli bekumele axhumane nabaholi bamaqembu ayigxeye yohulummeni wobambiswano
