EaMNAMBITHIUNgqongqoshe Wezemfundo KwaZulu-Natal, uMnumzane Sipho Hlomuka, ephelezelwa uSotswebhu Omkhulu kaMasipala wase-Alfred Duma uNkk Lindiwe Kubheka, uvakashele eQophindlela High School ukuzobheka ukusebenza kwesikole njengoba kuqala unyaka wesikole.UNkk Mapaseka Mokoena, ongumqondisi wesifunda uThukela, wamukele izivakashi emhlanganweni wokudingida izinkinga nesimo sokusebenza kwesikole.

Uthishanhloko wesikole, uMnumzane Mbanjwa, wethule umbiko lapho eveze khona ukuthi inani labafundi liyehla ngenxa yokuswela izinsiza, izindlu zangasese nokungalungiseki ngokushesha kwengqalasizinda eyonakaliswe izimvula ezinamandla. Uphinde waveza ukuthi umatikuletsheni wangonyaka odlule uthole u-78% futhi kunezinhlelo zokukhuphula izinga lokuphasa kulo nyaka.
UNgqongqoshe Hlomuka uzwakalise ukungenami ngesimo asitholile, wagcizelela ukuthi ukungenzi kahle kothisha kubeka ikusasa labafundi engcupheni. Unxuse abaholi besikole nesifunda ukuthi baqinise ukuqapha nokulandela imithetho ukuze kuthuthukiswe izinga lemfundo, egcizelela ukuthi abafundi bayikusasa lemindeni nomphakathi.

