ABACULI BAKAMASKANDI BAKHOMBISA UKUBUMBANA BESEKELA UMAFIKIZOLO EWASBANK


BAKHOMBISE ukubumbana okuyisimanga abaculi bakamaskandi behambela uzakwabo uMafikizolo eWasbank, eMnambithi, ngesikhathi emukela ngokusemthethweni imoto yohlobo lwePolo ayihlomule ngengoma ehlukanise unyaka kuKhozi FM.

Lo mcimbi ubuhanjelwe yizihlabani ezahlukene zomculo kamaskandi, ezithe zafika ukuzomhalalisela nokumsekela, zikhombisa ubunye nokuhloniphana embonini yomculo. Abaculi bathi impumelelo kaMafikizolo iyisikhuthazo kubo bonke abaculi abasakhula nabasazama ukuzakhela igama. Abanye babaculi abebemhalalisela kubalwa uNtencane, uMenzi, UFeza nabanye abaningi.

UMafikizolo ubonge kakhulu ukwesekelwa akutholile, wathi le ndondo nemoto akuyona eyakhe yedwa kodwa eyomculo kamaskandi wonkana. Umcimbi ube wubufakazi bokuthi umaskandi usaqhubeka nokukhula nokuhlanganisa abaculi.


Uthukela Times All Rights Reserved