UNDUNANKULU WASE-KZN UTHI UHULUMENI UPHANSI PHEZULU ULWA IMPI YABOKUFIKA ABANGENAZO IZMFANELO ZOKUBA KULELI


Undunankulu waKwaZulu-Natal, Thami Ntuli, ube yisikhulumi sosiku eMnambithi Indoor Sports Centre lapho bekugujwe khona uSuku Lwenkululeko.

UNtuli uthe bakhethe ukwenzela lomcimbi eMnambithi ngoba iyindawo enomlando wobuholi bendabuko, wathi amakhosi aba ngabokuqala ukulwa nobandlululo nokulwela inkululekoyezwe lakuleli. Uphinde wakhuluma ngeqhaza leqembu lomculo iLadysmith Black Mambazo elalisabalalisa izikhalo zabantu abamnyama emhlabeni wonke ngomculo walo, okwasiza ekudaleni ukunakwa ngamanye amazwe kwengcindezelo eyayikhona kuleli.

UNtuli, uthi selokhu kungene uhulumeni weGNU, sekubuyiselwe emazweni abo izinkulungeane zabokufika futhi kusaqhubeka.

Undunankulu uphinde waveza ukuthi uhulumeni uyaqhubeka nokubhekana nodaba lwabokufika abangekho emthethweni, wathi kube nemihlangano nezishoshovu ezahlukene mayelana nalolu daba, okubalwa kuzo nabaholi beMarch And March. Uphinde wadalula ukuthi kuhlinzekwe ama-drones kuBorder Management Authority ukuze kuqiniswe ukuphepha emingceleni yaseMozambique nase-Eswatini.

Wagcizelela ukuthi ukuvala noma ukuphanga izitolo zabokufika kuyicala, wacela umphakathi ukuthi ulandele umthetho uma unamamashi nemibhikisho.

Esephetha, uNtuli ukhuthaze izakhamuzi ukuthi zibhalise ukuvota, wathi lokho kuwukusebenzisa ilungelo lenkululeko.

Lo mcimbi ubuhanjelwe nabaholi bendawo okubalwa iMeya yoThukela uNkosi NB Shabalala, iMeya yase-Alfred Duma uZama Sibisi kanye neMeya yaseNkosi Langalibalele uMduduzi Myeza.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved