BABANJIWE ABASOLWA NGOKUQHUMISA IMOTO YEMALI EVRYHEID


Amaphoyisa oPhiko lwama-Hawks abophe abasolwa abathathu abaneminyaka engu-35, 44 no-64 mayelana necala lokuhlasela imoto ethwala imali (cash-in-transit heist) elenzeka eGluckstadt eduze kweLenjani turn-off, KwaZulu-Natal.

Lesi sigameko senzeka mhla zingu-14 kuNdasa 2026 ngesikhathi imoto ethwala ihamba ngomgwaqo u-R34 isuka Olundi iya eVryheid. Kubikwa ukuthi abasolwa badubule imoto kaningi baze bayimisa, baphoqa onogada ukuthi baphume, babathathela izikhali zabo.

Abasolwa baphinde bathatha onogada bayobabeka ensimini, lapho basebenzisa khona iziqhumane ukuqhumisa imoto, base bethatha imali engakadalulwa kanye nezikhali okubalwa izibhamu ezimbili (rifles) nesibhamu esisodwa sohlobo lwe-9mm.

Ngemuva kwesikhathi esingamasonto amathathu, amaphoyisa athola ulwazi mayelana nokuthi abasolwa bakuphi, kwabe sekuqhutshwa umsebenzi owaholela ekuboshweni kwabo. Kuphinde kwatholakala izimoto ezimbili okusolwa ukuthi zazisetshenziswa kulobu bugebengu.

Laba basolwa kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi eVryheid namuhla, zingama-7 kuMbasa 2026, lapho bezobhekana khona namacala abo.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved