UMPHAKATHI WASEZAKHENI WEMUKELE ISIGWEBO ESINIKWE UMLISA(23) OWANUKUBEZA IZINGANE EZIMBILI


Umlisa okuthiwa ubesatshwa kakhulu emphakathini waseZakheni namaphethelo, ugwetshwe yiNkantolo yase-Ezakheni odilikajele ababili ngamacala amabili okudlwengula. Lesi sigameko senzeka mhla zingama-25 kuNhlaba 2025 lapho kuthiwa lomlisa oneminyaka engu-23 wakhohlisa khona umfana oneminyaka engu-6 nentombazane eneminyaka engu-8 ngokuthi uzobathengela ukudla, wase wabayisa emzini wakhe.

Umakhelwane wabona bengena endlini wasola ukuthi kukhona okushaya amanzi, kwathi uma bengaphumi wabiza abanye abantu. Ngesikhathi bezama ukungena, kuthiwa umsolwa wabahlasela ngommese. Kamuva kwangena ilungu lomndeni wakhe, lathola izingane zikhala lazikhipha ngesikhathi kufika amaphoyisa, kwabe sekuboshwa umsolwa khona lapho.

Uphenyo lwaveza ukuthi wadlwengula zombili lezi zingane ezishintshanisa kaningana. Izingane zanikezwa usizo lwezengqondo ukuze zibhekane nobuhlungu. Umsolwa wavuma icala enkantolo, kwaholela ekutheni agwetshwe lesi sigwebo esinzima, esamukelwe umphakathi.


Uthukela Times All Rights Reserved