Owesifazane oneminyaka engu-41 uboshiwe eMeyerton eGauteng ngemuva kokusolwa ngokweba izinto ezahlukene ezitolo zasemnambithi. Kuthiwa utholakale ehamba nge-double cab bakkie egcwele impahla angakwazanga ukuyichaza ukuthi uyithole kuphi. Le mpahla ibihlanganisa ama-electric blanket, ukudla, inyama, izingubo, izinto zehardware kanye nezitsha.
Amaphoyisa asola ukuthi le mpahla yebiwe ezitolo eziningi ezehlukene eMnambithi nakwamanye amadolobha asondelene noMnambithi. Uphenyo luqale lapho abaseshi, besebenzisana neLPR Sniper, belandele ukuhamba kwemoto yakhe kuze kube seMidvaal lapho ibanjwe khona.
Umsolwa uboshiwe futhi uzovela enkantolo eGauteng, bese kamuva ebuyiselwa eMnambithi ukuze abhekane namacala okweba. Imoto yakhe isithathiwe ngamaphoyisa njengengxenye yophenyo.
Kulomkhankaso kube nokubambisana phakathi kweMidvaal law enforcement, LPR Sniper kanye nabaseshi basesifundeni Uthukela.

