UMnyango Wezokuthutha Nokuhlaliswa kwabantu KwaZulu-Natal usuxwayise abashayeli bezimoto ukuthi bangayinaki imilayezo yomgunyathi ethi ibafunela ukuthi bakhokhe amathikithi omgwaqo, kulandela ukwanda kwezikhalo ngabantu abathola le miyalezo.
UNgqongqoshe Wezokuthutha Nokuhlaliswa kwabantu esifundazweni, uSiboniso Duma, uthe umnyango uthole izikhalo eziningi ezivela kubashayeli bezimoto, ngisho nakubantu abangabanikazi bezimoto.
UDuma uthe izigebengu zithumela imiyalezo esabisa abantu ngokuboshwa bese zibafaka izixhumanisi (links) zomgunyathi ezihloselwe ukweba imininingwane yamabhange.
Uthe useyalelwe uMphathi woMnyango, uZibusiso Dlamini, ukuthi asebenzisane neRoad Traffic Inspectorate (RTI) ukuvikela umphakathi kulobu bugebengu.
UNgqongqoshe ugcizelele ukuthi amathikithi asemthethweni akhokhwa kuphela ngezindlela ezisemthethweni, ezihlanganisa:
* Ehhovisi leTraffic Camera ePinetown, ku-4 Aubrey Road.
* Ngenkundla yePayCity.
* Ezikhungweni zeSpeedPoint ezigunyaziwe.
* Ngezaziso zeSigaba 56 ezinkantolo ezifanele.
Uphinde wakhumbuza ngomkhankaso weSMART Roadblock, ovumela abashayeli ukuthi bakhokhe izinhlawulo zabo ngokuphepha ngesikhathi bemiswe emabhulokhini omgwaqo besebenzisa i-QR Code yePayCity ekhiqizwa amadivayisi e-RTI.
Lesi sixwayiso silandela nesaziso sikazwelonke esikhishwe yiRoad Traffic Management Corporation (RTMC), esiveze ukuthi izigebengu zithumela ama-imeyili omgunyathi azisho ukuthi avela kuNaTIS, zifuna abantu bakhokhe izinhlawulo ezisolwayo.
I-RTMC iqinisekise ukuthi ayithumeli izaziso zenhlawulo ngamaxhumanisi ama-imeyili noma amawebhusayithi angagunyaziwe, yanxusa umphakathi ukuthi ungavuli noma uchofoze kuleyo milayezo ngoba iwumkhonyovu.
