UNgqongqoshe Wezasekhaya uLeon Schreiber uthi cishe bangu-30,000 abantu bangaphandle abangenawo amaphepha okuba kuleli abasuswe esfundazweni saKwaZulu-Natal iyodwa.
Izinkulungwane zabantu bakwamanye amazwe zikhethe ukubuyela emazweni azo kulandela imibhikisho kazwelonke yokulwa nokufuduka okungekho emthethweni ngomhlaka-30 Juni.
Abaningi basalokhu bekhempile eMusina, lapho belinde khona kucutshungulwe amaphepha abo wuMnyango wezasekhaya kanye nokukhishelwa uzingcwadi ezidingekayo ukuze bakwazi ukuwela umngcele waseBeitbridge.
Ekhuluma muva nje uSchreiber uthi abantu bangaphandle abaningi kulindeleke ukuthi babuyiselwe emazweni abo
