UMasipala waseNkandla oholwa iMeya uKhansela uNonhlanhla Nzuza usungule uhlelo lokuthuthukisa intsha ngamabhizinisi njengoba ukwentuleka kwamathuba emsebenzi iNingizimu Afrika, nokwenza kubenzima kakhulu emiphakathini yasezindaweni zasemakhaya ezingenazo izimboni nezinkampani ezinkulu.
UMeya ukhansela Nzuza uphethe inyanga yentsha ngokusabalalise izinsisa kusebenza zokuqala amabhizinisi kwintsha yaseNkandla eyakhele amawadi awu-14.Wathi lokhu kuzolekelela ukuthuthukisa intsha futhi ikwazi nokwakha amathuba emsebenzi ezindaweni ehlala kuzona.
Kwenzeka lokhu nje Indawo yaseNkandla ngenye yezindawo ezibhekene nalengcindezi esifundazweni iKwaZulu-Natal umakukhulunywa ngokuntuleka kwemisebenzi
