UMnyango Wezempilo ngokubambisana nezinhlangano ezahlukene ubambe uhlelo lokuqwashisa abafundi bezikole zaseMatiwane ngobungozi bokukhulelwa besebancane kanye nokuzivikela ezifweni ezithathelwana ngocansi.
UMnyango uthe iKwaZulu-Natal isaqhubeka nokuba ngesinye sezifundazwe ezinamazinga aphezulu okukhulelwa kwabafundi besesikoleni, kanti nezibalo zokutheleleka ngezifo ezithathelwana ngocansi entsheni zisakhathaza.
Abafundi baveze imibono ehlukene ngalolu daba. Abanye bathi ukukhulelwa kwentsha kudalwa yisifiso sokuphila impilo esezingeni eliphezulu, njengoba abanye bezithola bengena ebudlelwaneni nabantu abadala ukuze bathole imali yokuziphilisa nokufeza izifiso zabo.
Abanye bona bathi ukungakhulunyiswa ngocansi nangobungozi bokukhulelwa emakhaya nakho kunegalelo, njengoba intsha ivame ukuthola ulwazi kontanga bayo, okungesilo ngaso sonke isikhathi oluyiqiniso noma olufanele.
Abafundi bavumelene ngokuthi uMnyango Wezempilo kanye noMnyango Wezemfundo kufanele baqinise ukubambisana ekuqhubekiseni imikhankaso yokuqwashisa ezikoleni ukuze kwehliswe izinga lokukhulelwa kwentsha nokusabalala kwezifo ezithathelwana ngocansi.
