IKomidi lesiShayamthetho saKwaZulu-Natali elibhekele ezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu lifuna ukwaziswa ngokwenzekayo kuMasipala uMsunduzi.
USihlalo weKomidi uMarlaine Nair, oyilungu lePhalamende, ubhalele uNdunankulu uMnu Thami Ntuli kanye noNgqongqoshe wezokubusa ngokubambisana nezindaba zomdabu (CoGTA) uMfundisi Thulasizwe Buthelezi ecela umbiko wamanje mayelana nesimo saloMasipala. Le ncwadi ilandela izincwadi ezibhalwe ngaphambilini mayelana nokuntengantenga kanye nezinkinga zokuhlinzekwa kwezidingongqangi eMsunduzi.
UNair ucela izinto ezintathu,okungumbiko ophelele ngesimo samanje sikamasipala, imininingwane ngezinyathethelo esezithathiwe nokungenelela osekwenziwe, nokuthi yiziphi ezinye izinyathelo ezihlelelwe ukusimamisa isimo.
Lesi sicelo siza ngemuva kwemibango yakamuva yezisebenzi kulo masipala,nokubikwa ukuthi kugcine sekuphazamisa ukulethwa kwezidingo kubantu nokudale ukukhathazeka kubahlali namakhansela.
UNair uthe izakhamuzi zidinga ukuqinisekiswa ukuthi izikhalo ngezinsiza eziyisisekelo ziyalungiswa futhi uHulumeni uyangenelela. wathi le mibiko izosiza ikomidi ukuthi linqume uma kudingeka ezinye izinyathelo ukuze silunge isimo.
