Newcastle – Umasipala waseNewcastle KZN uthi ususe iqeqebana labantu bangaphandle abangenawo amaphepha okuba kuleli abazame ukumisa amakhempu eNewcastle Hospital Street kanye nasenkabeni yedolobha kuleli sonto.
Ngokusho kukamasipala abophiko lwe-Municipal Law Enforcement, besebenzisana ne-SAPS noMnyango wezaseKhaya, balusukumele ngokushesha loludaba basuswa lababantu, banikezelwa eMnyangweni wezaseKhaya ukuze kube nezinhlelo zokuba babuyisele emazweni abo.
UMasipala uthi awunawo umhlaba obekelwe amakhempu esikhashana,futhi azikho izindawo okuhlinzekwe ngazo abokufika abakuleli ngokungemthetho.
Esitatimendeni,lomasipala uphinde wakuqinisekisa ukuthi abokufika abangenazo izincwadi zokuba kuleli abatholakala bekanise okanye bemisa izakhiwo, noma behlezi endaweni yomphakathi eNewcastle bazobhekana nengalo yomthetho ngokushesha.
