UMasipala wesiFunda uThukela, oholwa yiMeya uNkosi NB Shabalala, usuncome imiphakathi ngokusebenzisa ilungelo layo lomthethosisekelo lokubhikisha ngokuthula ngesikhathi semibhikisho ebibanjwe ezweni lonke ngoMsombuluko, mhla zingama-30 kuJuni 2026.
Le mibhikisho ibihlelwe kakhulu yinhlangano iMarch and March kanye nezinye izinhlangano zomphakathi, ezifunela uhulumeni ukuthi aqinise ukusetshenziswa kwemithetho yezokufuduka futhi athathele izinyathelo abantu bakwamanye amazwe abakuleli ngokungemthetho.

UMasipala uthe kuyo yonke iSifunda uThukela imibhikisho ihambe ngokuthula, ngaphandle kodlame, ukucekelwa phansi kwempahla, ukuphanga noma ezinye izenzo zobugebengu.EMnambithi, ababhikishi bahambe ngokuthula emgwaqweni uMurchison Street, bahambisa izincwadi zezikhalo eSiteshini Samaphoyisa saseLadysmith naseMnyangweni WezaseKhaya, ngaphambi kokubuyela eSettlers Park lapho umbhikisho uphele khona ngokuthula.
Okhahlamba, kube nombhikisho omncane enkabeni yedolobha kanye naseKhethani, eWard 1, lapho amaphoyisa ebegade khona isimo. Akukho zigameko zodlame noma ukuvalwa kwemigwaqo ezibikiwe.E-Inkosi Langalibalele, amalungu omphakathi ahambe ngokuthula esuka eWard 18, eSigodlweni, aya eSiteshini Samaphoyisa sase-Estcourt, kwathi umbhikisho waphela ngaphandle kwezigameko.
UMasipala uthe akukho migwaqo emikhulu evaliwe, ingqalasizinda kamasipala ayizange ilimale futhi akukho kulimala kwabantu noma ubugebengu obuqoshiwe.
IMeya uNkosi NB Shabalala ibonge amaphoyisa, abezomthetho bakamasipala, abezimo eziphuthumayo, izinkampani zonogada kanye nabo bonke ababambe iqhaza ekuqinisekiseni ukuthi usuku luhambe ngokuthula nangokuhleleka.
UMasipala uphinde wagcizelela ukuzibophezela kwawo ekusebenzisaneni nohulumeni nezinhlaka zezomthetho ukuvikela umphakathi nokugcina ukuthula.
