Inkantolo Yesifunda yase Estcourt Regional Court igwebe owesilisa oneminyaka engu-36, u Sabelo Khumalo, iminyaka engu-95 ejele ngenxa yokudlwengula nokugqekeza izindlu ezindaweni zase Ntabamhlophe nase Wembezi phakathi kuka-2021 no-2023.
Inkantolo ithole ukuthi uKhumalo wahlasela abesifazane abahlanu abaneminyaka ephakathi kuka-15 no-36 ezimeni ezahlukene. Kulezi zigameko, wayengena ngokungemthetho ezindlini zabo, abedlwengule bese ebaphuca izinto zabo.
Inkantolo izwe ukuthi lezi zenzo zashiya izisulu ziphazamiseke kakhulu ngokomqondo futhi ziphila ngokwesaba okukhulu.
UKhumalo ugwetshwe iminyaka engu-75 ejele ngamacala amahlanu okudlwengula, kanti kwengezwa eminye iminyaka engu-20 ngamanye amacala amane okugqekeza imizi.

