UMasipala waseRichmond, ngokubambisana noMnyango wezeMpilo kanye noMasipala wesiFunda uMgungundlovu, osukwini lwanamhlanje bagubhe uSuku iWorld TB day,eSiyathuthuka Hall. Lo mcimbi ubuhlose ukufundisa nokuqwashisa izakhamuzi ngesifo sofuba.
UNkk Maphanga,obemele ezempilo
ugcizelele ukubaluleka kokugoma ezinganeni ezineminyaka engaphansi kwemi-5. Wanxusa abazali ukuthi bahambise izingane zabo emitholampilo nyanga zonke ukuze ziyohlolelwa isifo sofuba bathole nezinsiza zezempilo.
IMeya uCllr Ngcongo wethule inkulumo yosuku, ebonga umphakathi ngokuwuhambela lomcimbi kanye noMnyango wezeMpilo ngokuhlela lo mcimbi.

