UGQAMISE UKUBALULEKA KOMKHULEKO EZIKOLENI UNGQONGQOSHE WEZEMFUNDO E-KZN


UNgqongqoshe wezeMfundo eKZN umhlonishwa Sipho Hlomuka ugcizelele ukubaluleka kokukhuleka ezikoleni ukuze kuqinisekiswe ukuthi ukufunda kuhamba ngendlela.

UHlomuka obekhuluma nabafundi nothisha ehambele izikole ezimbili zaselokishini laseZakheni eMnqmbithi, iZakheni High School kanye ne-Ekukhuleni High School namuhla, uncome othisha nabafundi balezi zikole ngokwenza kahle nyakenye. Uthi lokhu kukhomba ukubambisana okuhle phakathi kwabafundi, othisha nabazali, “Into eyenze sivakashele lezi zikole unyaka uqala nje ukuthi sifuna ukugqugquzela ukuthi lokhu okuhle esikubona kulezi zikole kuleminyaka edlule kuqhubeke, futhi kube yisibonelo kwezinye izikole,” kuchaza uHlomuka.

Lezi zikole zenze kahle kakhulu enyakeni ka 2024 kumatikuletsheni, uHlomuka uthe unethemba lokuthi nakulonyaka zokwenza kahle. Uphinda wathi bengakhohlwa ukukhuleka, kungakhathalekile ukuthi ukhuleka ngaphansi kwayiphi inkolo, “yonke imikhuleko iya kuNkulunkulu,” kuchaza yena.

Uqhube wathi yingakho izinto ezifana nobudlova nokugula kwezingane sekwandile ezikole yingoba akusakhulekwa.

Uthe unethemba lokuthi lezi zikole zizobalwa nezinye eziphase kahle kuleli njengoba kulindeleke imiphumela kamatikuletsheni ngelizayo.


Uthukela Times All Rights Reserved