Awukalilahli ithemba umndeni kaSiyabonga Vilakazi waseMnambithi eRooi njengoba namanje usagubha endaweni le ekhonjwe yiSiyoni njengendawo la kwagqitshwa khona umzimba wakhe.
USiyabonga wanyamalala ngonyaka odlule ngo-April lapho agcina ukubonakala ethathwe nguMseshi wamaphoyisa kanye noMalume ayekade exabane naye,akaphindanga wabonakala.
Ngokusho kwamaphoyisa bathi wabaleka ngaphambi kokufika esiteshini samaphoyisa waye wayoziphosa emfuleni.
Umphakathi kanye nomndeni bazama izikhawu eziningi ukuthola ngokwenzeka kodwa kwagcina kungavelanga ukuthi ngempela kwenzakalani ngaye.
Muva nje, kusanda kutholakala izimpahla ayezigqokile eduze nomfula iKlipriver. Emva kokuya kwababonayo, isayoni sathi ugqitshwe khona le ngaphansi kwebhuloho lalomfula. Ukugujwa kuqale izolo, njengoba nanamuhla kusaqhubeka. Akukutholakali lutho. Kusaqhutshekwa nokugubha.

