SIBI ISIMO EMPHAKATHINI ONGENAMABHULOHO WASENSETHENI OKHAHLAMBA


Umphakathi waseNsetheni eGcekeni nakwaMthonjwa usuhlalele ovalweni njalo njengoba kuhlasela izimvulanje, lomphakathi uwela imifula eyingozi okuyiKhuze,Nsetheni neBhudlu nsukuzonke ukuze ufinyelele ezindaweni ezifana nedolobha kanye nezikole.

Izingane zakulendawo azikakwazi ukuya esikoleni selokhu kuvulwe ngenxa yamanzi amanengi emfuleni kanti nesikole sakhona iNsetheni Primary School sakhizwe ngodaka, okwenza singaphephi uma isimo sezulu singesihle.

Kulendawo intuthuko isagqozile impela ngoba nemigwaqo ayibonwa abantu basatabalasa imiqansa nemthwala uma bevela edolobheni eBergville.

Abahlali bathi bacela usizo oluphuthumayo kuhulumeni wesifundazwe emnyangweni efana nowezokuthutha, owezemfundo nowezenhlalakahle.


Uthukela Times All Rights Reserved