BAKHALA NGOKUTHI ALUYI OLUBUYAYO ESIBHEDLELA I-EMMAUS.


Basovalweni lokungeniswa esibhedlela sendawo i-Emmaus Hospital abantu baseBergville ngenxa yokwanda kwezigameko zokudlula kwabantu abangeniswa kulesibhedlela.

Isakhamuzi esikhathazekile sithinte iphephanda siqhaqhazela futhi sethukile ngakubize ngenkinga ababhekene nayo bengazi bazosizakala kanjani ngayo. Odabeni asendlalele lona elokudlula kwabantu besifazane abasuke beyoteta bengabe besabuya abanye badlula nabo abantwana babo kanti abanye bashiya amaswane.

” Ngikhuluma nawe nje sebebahlanu abantu besifazane okuthiwa ababuyanga kamuva nje kulesibhedlela minake ngazi abathathu kulabo ngingufakazi,into eyenzeka lapha angiyazi kodwa ifuna ukufakelwa izibuko ngoba bayaphela abantu” kusho yena.

Sibe sesenza ucwaningo sathola nabanye abakhala esifanayo ngalesibhedlela babeke kanje:

1. “December besingcwaba umamncane nengane yakhe ngiyaybonga I EMMAUSE hospital nakhona ayikho incazelo ezwakalayo ahambe umuntu ephila ezihambela afike afe” omunye yena uthe

2. “Sifile ngempela ngoCc bethu angifuni kungasho kubuhlungu 4 yonke ngexa yobudedegu babo bese bevula umlomo ngoba befundile bona uthi uzama ukuchaza inkinga onayo bese bona bethi zenze angithi awuqali kuzala”

3. Angikhohliwe namanje 2024 Nov. Istudent Dr. singinika amaphilisi oku cleaner isinye ngimtshela ukuthi ngipregnant, ngoba angifanga lapho Jehova uyiNkosi ngagula iviki lonke ngigqigqa khona bengasenalo usizo sebethi abazi ngophiswa yini isbeletho sami sivalekile akuchitheki umtwana ngibuze igazi liphumaphi pho, wathi uDr. akasazi yena angiye ekhaya ngiyobekezelela izinhlungu, ngaya kwa Dr. Kubheka wathi umtwana uyaphuma and seku late angeke usasizakala kwaze kwawukuba uyaphuma umtwana so nje nginovalo mangicabanga imawosi.

Abahlali bacela umnyango wezempilo ungenelele kuloludaba.


Uthukela Times All Rights Reserved