Amaphoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS) azoqhubeka nomkhankaso wokuqeda izibhamu ezingekho emthethweni ngokucekela phansi izibhamu nezingxenye zazo ezingu-11 859 eGauteng namuhla, mhlaka-9 Julayi 2026.
Ngokwe-SAPS, izibhamu eziningi ezizocekelwa phansi yizibhamu ezincane (handguns) ezingu-9 596, ezimele u-81% wesamba. Kulandelwa izibhamu ezinde (rifles) ezingu-1 102, izibhamu zohlobo lwe-shotgun ezingu-798, kanye nezingxenye zezibhamu nezinye izinhlanganisela ezingu-363.
Lezi zibhamu ziqoqwe ngesikhathi semikhankaso yamaphoyisa ezweni lonke, ezinye zaphucwa abanikazi bazo zabe sezithathwa nguHulumeni, kanti ezinye zanikelwa ngokuzithandela.
I-SAPS ithe u-61% wezibhamu ezizobhidlizwa wanikelwa ngokuzithandela, u-33% watholakala ngesikhathi samaphoyisa enza umsebenzi wawo, u-4.54% wanikelwa ngesikhathi sokuxolelwa kwezibhamu (firearms amnesty), kwathi u-1.22% uhlobene namacala odlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.
Amaphoyisa aveze ukuthi eminyakeni eyisikhombisa edlule asebhidlize izibhamu ezingu-317 811 njengengxenye yemizamo yokulwa nobugebengu nokunciphisa udlame olwenziwa ngezibhamu.
