Intsha yaseMpilonde eWasbank ngaphansi koMasipala wesifunda uMzinyathi isiqale umkhankaso wokuvuselela imithombo yamanzi ngenhloso yokuthi umphakathi uthole amanzi ahlanzekile nathembekile.
Ilunga lomphakathi, uMmeli Mgaga, uthe lo mkhankaso usuzoqhutshwa nakwaMashawu, kwaJimane, kwaMageninda, e-Omdrai, eNcepheni, eMtshilo, kwaBotes, eMahlekwane, kwaHomisi kanye naseNdumeni.
UMngaga uthe bathathe lesi sinyathelo ngenxa yokuthi amaloli aletha amanzi aphuza ukufika emphakathini, okushiya izakhamuzi zibhekene nobunzima bokuthola amanzi okuphuza.
Unxuse umphakathi ukuthi ubambisane nale ntsha ukuze lo mkhankaso uphumelele futhi usize ekutholeni amanzi ahlanzekile ezindaweni ezikhahlanyezwa ukushoda kwamanzi.
