KUGWETSHWE OWESIFAZANE WASE-KZN NGOKUZENZA ISIKHULU SOMNYANGO WEZOKUTHUTHA


UGWETSHWE wahlawuliswa owesifazane waKwaZulu-Natal ngokuzenza izikhulu zoMnyango wezokuThutha nokuqola amalungu omphakathi. UNozipho Mathenjwa ugwetshwe izinyanga eziyisithupha ejele wahlawuliswa u-R10 000 yiNkantolo yeMantshi yaseMmbombo enyakatho neKwaZulu-Natal ngoLwesine, 15 January 2026.

UMathenjwa uwavumile amacala okukhwabanisa nokuqola imali ngemuva kokuzenza isikhulu soMnyango wezokuThutha efuna imali yamathuba emisebenzi namathenda mbumbulu. Inkantolo izwe ukuthi uhlomule ngokungemthetho ngokudukisa izisulu ezingasoli lutho.

UNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, uncome uphiko olulwa nokukhwabanisa emnyangweni kanye nophiko lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika ngokugwetshwa kwabo. Uphinde wagcizelela isimo sikahulumeni wesifundazwe sokungayibekezeleli nhlobo inkohlakalo futhi waxwayisa ngokuthi abakhwabanisi bazothathelwa izinyathelo ezinqala.


Uthukela Times All Rights Reserved