Ubuholi bukaMasipala wesifunda Amajuba, oholwa uMeya uCllr T.E Mthembu,buvakashele izikole iBethamoya Secondary nasOkhalweni primary School,njengengxenye yemizamo eqhubekayo yokuqinisekisa ukuthi unyaka wokufunda ka-2026 uqala kahle futhi ngaphandle kwezihibe.
Loluhlelo,lokubeka ukuthi izikole zikulungele ukufunda nokufundisa, kuhloswe ngalo ukiqinisekisa ukuthi ukufunda nokufundisa kuhamba ngendlela,kanye nokulethwa kwezinsiza ngempumelelo kuzo zonke izikole. Loluhlelo luphinde lwanikeza ithuba ubuholi bukaMasipala wesifunda kanye neziphathimandla zesikole ithuba ukucobelelana ngamasu okuthuthukisa iskole,izidingo nokunye

