Amalungu omphakathi avela kuCentral Cluster — okubalwa kuwo amaWard 09, 10, 11, 12, 13, 20, 21, 22, 23, 24, 25 nengxenye yeWard 26 — aphume ngobuningi bawo ahlangana ehholo ledolobha Umnambithi emhlanganweni wokugcina wohlelo lwe-IDP/Budget Consultation Roadshow kaMasipala wase-Alfred Duma Local Municipality.
Lo mhlangano uhlanganise amakhansela kamasipala aholwa yiMeya, uKhansela Zama Sibisi, izikhulu zikamasipala kanye nezinhlaka ezahlukene okubalwa kuzo ne-Independent Electoral Commission.

Inhloso yalolu hlelo ukuvulela umphakathi ithuba lokuxoxisana nohulumeni wendawo ngezinhlelo zokulethwa kwezinsiza kanye nesabelomali sonyaka wezimali ozayo. UMeya uSibisi uncome umphakathi wase-Alfred Duma ngendlela oziphathe ngayo ngesikhathi kuqhubeka imihlangano ye-IDP.
Wathembisa ukuthi zonke izicelo zophakathi zizobhekisiswa zethulwe nasemkhandliwini wamakhansela ukuze zicutshungulwe.
Abaholi bakamasipala bagcizelele ukubaluleka kokuthi umphakathi ubambe iqhaza ezinhlelweni zentuthuko ukuze izidingo zabantu zifakwe phambili ekuthathweni kwezinqumo.

