KUGQAME ITHALENTE ELIYISIMANGA EMIDLALWENI YEZIKOLE EMNAMBITHI


Kubonakale ithalente eliyisimanga ngesikhathi kubanjwa imidlalo yezikole eMnambithi e-Acaciavale Sports Ground ebihlelwe uMnyango Wezemidlalo kanye namaciko.

Kule midlalo bekukhona ibhola lomnqakiswano kanye nebhola lezinyawo, lapho izikole ezahlukene zibambe iqhaza khona, okubalwa iWindsor High School, Dr Joseph Shabalala Secondary School, Steadville High School kanye neMhlanganyelwa Combined School.

Emdlalweni weNetball, iSteadville High iphumelele ngokushaya iWindsor High School, ikhombisa ukusebenza okuhle nokubambisana kweqembu.

Kanti ebholeni lezinyawo, iSteadville High School iphinde yazibonakalisa ngokunqoba iMhlanganyelwa Combined School ngo 1-0.

Lo mcimbi ukhombise ukubaluleka kwezemidlalo ekwakheni ubumbano phakathi kwabafundi kanye nokukhuthaza ukuzivocavoca nokuncontisana entsheni.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved