ISilo uMisuzulu kaZwelithini samukele ithimba labaholi be-ANC eSigodlweni saseMashobeni, eHhovisi Laso Elizimele, ohambweni oluhlose ukuqinisa ubudlelwano phakathi koBukhosi bakwaZulu nenhlangano.
Leli thimba beliholwa nguMike Mabuyakhulu, lihlanganisa noSomlomo wePhalamende uThoko Didiza, owayenguNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele, kanye noNgqongqoshe baseKwaZulu-Natal uNomagugu Simelane, uSiboniso Duma, uSipho Hlomuka nabanye abaholi.
Enkulumweni yaso, iSilo sikhulume ngobudlelwano bomlando phakathi koBukhosi bakwaZulu nabasunguli bomzabalazo wenkululeko. Siveze ukuthi iNkosi uDinuzulu kaCetshwayo yaba nobudlelwano obuseduze noPixley ka Isaka Seme nabanye abaholi abasungula iSouth African Native National Congress (SANNC), eyagcina isiphenduke i-ANC.
ISilo siphinde sanxusa abaholi bezwe ukuthi bahole ngobuqotho, ukuzithoba nokuziphendulela, sibagqugquzela ukuthi babeke izidingo zabantu nezwe ngaphambi kwezintshisekelo zabo noma zamaqembu ezepolitiki.
Siphinde sadlulisa amazwi enduduzo ku-ANC ngokushona kukaDkt Ntuthuko Mahlaba, sancoma umsebenzi awenzela abantu baKwaZulu-Natal kanye neNingizimu Afrika.
ISilo sigcizelele ukuthi uBukhosi bakwaZulu buzoqhubeka nokungakhethi uhlangothi kwezepolitiki, kodwa buqhubeke nokukhuthaza ubumbano, ukuthula kanye nentuthuko yabantu bonke.
