I-1KZN TV IPHIKA IZINSOLO ZOKUDLALA IZINKONZO ZABOKUFIKA KUMABONAKUDE


Isiteshi sethelevishini 1KZN TV sesikhiphe isitatimende siphendula izinsolo ezisabalele ezinkundleni zokuxhumana mayelana nezinhlelo zamasonto abokufika ezikhonjiswa kulesi siteshi.

Esitatimendeni esikhishwe mhla lu-1 kuMeyi 2026, abaphathi be-1KZN TV bathe imininingwane esatshalaliswayo ayilona iqiniso futhi iyadukisa, begcizelela ukuthi abanazo nhlobo izinhlelo zamasonto abokufika ohlwini lwezinhlelo zabo.

Lesi siteshi sithe lesi siteshi sisebenza ngaphansi kwemigomo ye-Independent Communications Authority of South Africa (ICASA) futhi konke okuqukethwe kuso kuhambisana nemibandela yelayisensi yaso.

I-1KZN TV iphinde yachaza ukuthi izikhathi zezinhlelo zamasonto zithengiswa ngokulandela imigomo yokusebenza yesiteshi futhi zivulekele noma yiliphi isonto laseNingizimu Afrika elihlangabezana nezimfuneko.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi inhlangano i-Labour and Civic Organisation (LACO) igxeke lesi siteshi ezinkundleni zokuxhumana, isola ngokuthi siveza “izikeshi” zamasonto abantu bangaphandle futhi yathi izovakashela eRichards Bay ukuze ifune ukuthi lezo zinhlelo zivalwe.

I-LACO iphinde yathi kunezinkonzo eziningi zaseNingizimu Afrika ezingadingi ukuthi abantu “baxinwe” ngezinhlelo zabefundisi bakwamanye amazwe.

Ngakolunye uhlangothi, i-1KZN TV inxuse umphakathi ukuthi ungadukiswa yimibiko engaqinisekisiwe, yathi isazimisele ukuqhubeka nokusebenza ngobuqotho nangokuhambisana nomthetho.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved