KUSHUBILE PHAKATHI KWE-LACO NOMHOLI WENTSHA YE-MK NGOSIZO LWASECHINA


Kuvele ukungezwani okukhulu phakathi kwenhlangano i-Labour and Civic Organisation (LACO) nobuholi bentsha ye-uMkhonto weSizwe Party (MKP), kulandela izinsolo ezibhekiswe kumholi wentsha yeMK, Qiniso Cibane.

UMongameli weLACO, Mlungisi Zondi, usole uCibane ngokuthi uthengise “umzabalazo wabantu baseNingizimu Afrika” ngokusondelana nosomabhizinisi waseChina ongumnikazi wamafemu akwaSthebe eMandeni.

UZondi uthi lo somabhizinisi waseChina kuthiwa uxhase uhambo lukaCebane nethimba lentsha yeMK oluya eChina ngemali ebalelwa ku-R1.5 million. Kuthiwa inhloso kwakuwukwakha ubudlelwano obuzovimba umkhankaso weLACO wokulwa nezinto ezibhekwa njengokuhlukumeza abantu baseNingizimu Afrika.

UZondi uphinde waveza izinsolo zokuthi uCibane ufuna kufakwe umuntu waseChina ephalamende likazwelonke ngeMKP, nokuthi usemfake ngaphakathi kobuholi bentsha yeMK esikhundleni okuthiwa “Deputy Head of Finance”.

I-LACO ithi ayivumelani nokufakwa kwabantu bangaphandle ezinhlakeni zezombusazwe zaseNingizimu Afrika ngendlela ebona sengathi iphikisana nezidingo zabantu bakuleli.

UZondi uphinde waveza ukuthi uCibane wake wasolwa phambilini ngokuthatha imali engu-R300 000 eHonchos, wathi ubuholi beMK abuzange buthathe zinyathelo ngalolo daba.

Ephendula kulezi zinsolo, Qiniso Cibane uthe uMlungisi Zondi “uyi-clown” futhi wathi ukhetho lwaseMsunduzi Sub-Region lukhethe uJabulani Radebe ukuba abe yingxenye yeRegional Election Team hhayi uMlungisi Zondi.

UCibane uthe lokhu akubona njengetulo lokudicilela phansi isithunzi sakhe(character assassination) okuholwa ngabantu ababize “ngabaphathi” bakaZondi.

Uphinde wathi:

“This character assassination won’t ever work. Tell that to your handlers. The failed student politics detachment led by the populist demagogue.”

iqembu uMkhonto weSizwe Party ayikakhiphi isitatimende esigcwele ngalolu daba.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved