BEKUSINDWE NGOBETHOLE KUGCAGCELWA IKHANSELA LASE-ALFRED DUMA NGEMPELASONTO


Bekusindwe ngobethole ngesikhathi umphakathi waseBhatha, Lusitenia kanye nezindawo ezizungezile uhlangene ngoMgqibelo ukuzobungaza uKhansela waseWard 24 ngaphansi kukaMasipala wase-Alfred Duma uThembinkai Ngcobo, ngesikhathi egcagcelwa ngempelasonto.

Lo mcimbi uhanjelwe ngabantu abaningi, okubalwa amalungu omphakathi, amakhansela kanye nezihlobo, abebeze ukuzohalalisela nokweseka uNgcobo kulolu suku olubalulekile empilweni yakhe.

UNgcobo ugcagcelwe intokazi yaseBergville,uHloniphile uMaDladla , ongumakoti wesibili wakhe.

Ngaphandle kwezombusazwe, uNgcobo waziwa njengothisha omkhulu eRooihoek Primary School eBergville.

Ekupheleni komcimbi, uNgcobo ubalule ukubonga kubo bonke abamesekile—umndeni, ozakwabo, amakhansela kanye nomphakathi—abenze lo mkhosi waba yimpumelelo enkulu.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved