UGqongqoshe womnyango Wezemfundo Ephakeme, Buti Manamela, usememezele ngokusemthethweni ukubekwa kwe-National Student Financial Aid Scheme (NSFAS) ngaphansi kweso lomlawuli (administration), kwaqokwa uHlengani Mathebula njengomlawuli wesikhashana.
Lesi sinyathelo silandela isikhathi eside sokungazinzi kwezokuphatha kanye nokwehluleka kokusebenza ngaphakathi kweNSFAS.
UNgqongqoshe uManamela uthe lesi sinqumo asithathwanga kalula, kodwa sithathwe ngemuva kokuthi zonke ezinye izindlela sezizanywe zahluleka.
Phakathi kwezinkinga eziholele kulesi sinyathelo kubalwa ukwehla kwamandla ebhodi ngenxa yokuhoxa kwamalungu amaningi, okubalwa nowayengusihlalo, Karen Stander, oshiye umsebenzi ekhala ngokuthi kunabantu okungasebenzeki nabo. Kuphinde kwaba nezinkinga zomthetho mayelana nokwakheka kwebhodi, okwenze uhulumeni waya enkantolo.
Ngaphezu kwalokho, iNSFAS ithole umphumela omubi kakhulu wokuhlolwa kwezimali (audit disclaimer) ku-2024/25, kanye nokwehluleka kwezinhlelo ezifana nokubambezeleka kwezicelo zabafundi, izinkinga ze-ICT, kanye nokungahleleki kwezindawo zokuhlala zabafundi.
UNgqongqoshe uqinisekise ukuthi lesi sinyathelo asizukuphazamisa abafundi. Izimali zizoqhubeka nokukhokhwa, kanti ukusebenza kwamanyuvesi, ama-TVET colleges kanye nezicelo (appeals) kuzoqhubeka njengokujwayelekile.

