Masipala waseNkosi Langalibalele wethule uhlelo olukhethekile lwesaphulelo sokukhokha intela yomhlaba, izinsiza kanye nokuthuthwa kukadoti ngenhloso yokukhuthaza umphakathi ukuthi ukhokhe izikweletu zawo.Lolu hlelo lunikeza izindlela ezimbili zokuhlomula:
Uhlelo 1: Umuntu uthola isaphulelo esingu-50% esikweletini uma ekhokha u-50% wesikweletu ngokushesha ngesikhathi kusayinwa isivumelwano.
Uhlelo 2: Umuntu uthola isaphulelo esingu-40% esikweletini (kubalwa nenzalo), bese u-60% ukhokhwa ngezitolimende ezinyangeni eziyisithupha.
Ngaphezu kwalokho:Abanikazi bamapulazi abanezinkinga bangaxoxisana nomasipala ngokwehliswa kwenani lentela (market value).
Inzalo ingasuswa uma kukhokhwa isikweletu sonke ngesikhathi. Ukuze umuntu athole lesi saphulelo, kudingeka asayine isivumelwano futhi aqale ukukhokha ngesikhathi esibekiwe.

Uma umuntu engalandeli imigomo yesivumelwano, uzophoqeleka ukukhokha isikweletu sonke ngaphandle kwesaphulelo.
Lolu hlelo luqala mhla ka-01 April 2026 luphothule mhla ka-31 October 2026.
UMasipala ukhuthaza wonke amalungu omphakathi ukuthi asebenzise leli thuba ukuze acacise izikweletu zawo.
Ngemininingwane:
Nonkululeko Mazibuko: 036 342 7877
Anitha Jai Jai: 036 342 7883
Makhosazane Mbatha: 036 342 7886
Amahovisi okukhokha avulwa kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesine ngo-16:00, nangoLwesihlanu ngo-13:30.

