Umphakathi wasema2000 eSt chads eMnambithi uvuke umbhejazane washaya wabulala umuntu obesolwa ngokuyenga abesifazane ngokubathembisa umsebenzi bese ewadlwengula.
Lomlisa kuthiwa ubekhangisa aphinde afonele abantu ebazisa ngezikhala zemisebenzi nokuyilapho bethi uma behlangana athi abafune imali emakubo ukuze angababulali aphinde alale nabo.
Ngolwesithathu kubikwa ukuthi enye yamantombazane abeseyibambile iphelelwe yi airtime isacela imali kubo wayigquba wahamba nayo bayoyithenga estolo, nokuyilapho ithole khona intuba yokusayinela abantu ukuthi ithunjiwei. Amalunga omphakathi abe esehlangana amjaha lomlisa amshaya amulimaza kanzima waze washona.
Okhulumela aphoyisa aseMnambithi uMnu Khan usiqinisekisile lesi sigameko wathi baphenya icala lokubulala ngemuva kukufika kuHelpmakaar road endaweni yase St Chad’s ngoLwesibili ebusuku bathola umufi enezingozi zokushawa.