Amaphoyisa aKwaZulu-Natal axwayise labo abahlela, abahola noma ababamba iqhaza emibhikishweni ukuthi kumele benze konke ngaphansi kwemigomo yomthetho.Lesi sixwayiso silandela uchungechunge lwemibhikisho eThekwini nakwezinye izingxenye zesifundazwe, eminye egxile odabeni lwabokufika, kanye namavidiyo asabalele ezinkundleni zokuxhumana abonisa izenzo zokungahloniphi umthetho.
Amaphoyisa agcizelele ukuthi nakuba ukubhikisha kuyilungelo elisemthethweni, akumele kwephule amalungelo abanye abantu. Kuphinde kwacaciswa ukuthi akukho mhlali ovunyelwe ukumisa noma ukuphenya omunye umuntu noma ukufuna imibhalo yakhe – lokhu kungenziwa kuphela yiziphathimandla zomthetho.
Kubuye kwavezwa ukukhathazeka ngezinsongo zodlame ezibhekiswe ezitolo, okwenze ezinye zazo zivalwe. Amaphoyisa athe ukusabisa, ukuhlasela kwanoma yiluphi uhlobo kuyicala, futhi ngeke babekezelele ukwephulwa komthetho.Amaphoyisa ePublic Order azoqhubeka nokuqapha imibhikisho ukuqinisekisa ukuthula nokuzinza. Kuphinde kwathiwa kuzoba nemihlangano nabahleli bemibhikisho ukuze kuqondiswe izindlela ezifanele zokwenza lokhu ngaphandle kokwephula umthetho.
Amaphoyisa aphinde acacisa ukuthi ukuboshwa kwabokufika abangekho emthethweni kungenziwa kuphela yiziphathimandla ezifanele, hhayi izakhamuzi.Umphakathi ukhuthazwa ukuthi ubike noma yiluphi uhlobo lobugebengu, futhi ugweme ukuthatha umthetho ngezandla zawo ngoba lokhu kungaholela ekutheni nawo ubhekane namacala.

