I-MDDA IBAMBE I-WORKSHOP YABAXHASWA EMKHAKHENI WEZINDABA ZOMPHAKATHI


I-Media Development and Diversity Agency (MDDA) ibambe ngokusemthethweni iGrantee Orientation Workshop (GOW) yezinsuku ezimbili eKempton Park, eGauteng, eqhubeka kusukela mhla zingama-21 kuya zingama-22 kuMbasa 2026.

Lo mcimbi uhlanganise amaphrojekthi ezindaba zomphakathi angama-32 axhaswe ngaphansi kohlelo lokuxhaswa luka-2025/26. Lokhu kufaka phakathi iziteshi zomsakazo zomphakathi ezingama-22 kanye namaplatforms ezindaba zokubhala nezedijithali eziyi-10, ezimele zonke izifundazwe eziyisishiyagalolunye zaseNingizimu Afrika.

Le workshop ihlose ukuhlinzeka laba abaxhaswayo ngolwazi olubalulekile oluhlanganisa ukuphathwa kwezimali, ukuphathwa kwamaphrojekthi, ukuphathwa kwebhizinisi, ukuphathwa kwezinkampani (corporate governance) kanye nokuhambisana nemithetho (compliance), ukuze kuqinisekiswe ukusimama kwesikhathi eside nokusebenza kahle.

Enkulumweni yokwamukela, uCEO we-MDDA, uNkk Shoeshoe Qhu, ugcizelele indima ebalulekile edlalwa izindaba zomphakathi ekwakheni intando yeningi, ukuthuthukisa izindawo zasemakhaya kanye nokuqinisekisa ukuthi abantu bayafinyelela olwazini.

Uphinde wabeka obala okulindelekile kulaba abaxhaswayo, okubalwa ukubika ngendlela ecacile, ukubambisana, kanye nokuba nomthelela oqondakalayo emphakathini.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved