Abasolwa abathathu abaneminyaka ephakathi kuka-30 no-39 kulindeleke ukuthi bavele enkantolo namuhla ngamacala ahlobene nezidakamizwa, kulandela ukuboshwa kwabo ngempelasonto edlule.Laba basolwa baboshwe amalungu e-uThukela District SAPS Intervention Task Team ngesikhathi kuqhutshwa umkhankaso wokulwa nobugebengu ezindaweni zaseBergville naseWinterton.
Ababili baboshwe eBergville kanti oyedwa waboshwa eWinterton.Ngesikhathi kuboshwa, amaphoyisa athole amaphilisi eMandrax, amakhepsuli okusolwa ukuthi yi-heroin, kanye neCrystal Meth (Tik).
Kuphinde kwatholakala nemali okusolwa ukuthi ivela emisebenzini yobuqola.Amaphoyisa athe lo mkhankaso uyingxenye yemizamo yokuqeda ukuhwebelana ngezidakamizwa nokuvikela umphakathi.Kulindeleke ukuthi abasolwa babhekane namacala okuhweba nokuba nezidakamizwa ngokungemthetho.

