AQALILE UKUZIQEQESHELA IDUNDEE JULY AMAHHASHI EDUNDEE


I-JB Mchunu Foundation ibambe umqhudelwano wamahhashi endaweni yaseVumbuka, ngaphansi kukaMasipala waseNdumeni kuWard 6, lapho lo mcimbi ube yimpumelelo enkulu.

Lo mqhudelwano ubuhlanganisa abesilisa nabesifazane, kwaba nemiklomelo ehlukeneyo ewinwayo, ngenhloso yokulolonga amahhashi ukuze alungele imiqhudelwano emikhulu efana neDundee July, edonsa izinkumbi zojoki nabalandeli.

Abahleli baveze ukuthi lo mcimbi usuzoba yinto eyenzeka minyaka yonke eVumbuka, okuzophinde kudale amathuba kubadayisi bendawo ukuthi bathengise izimpahla zabo futhi kuthuthukiswe umnotho wendawo.

Abebehambele lo mcimbi bathokoziswe yizinhlobo nhlobo zenjabulo okubandakanya umculo kamasikandi obulethwe umculi uJikijiki, kanti abanye bathole nezipho ezahlukahlukene.

I-JB Mchunu Foundation ithi izoqhubeka nokuthuthukisa imidlalo namasiko endaweni, ikhuthaze intsha kanye nomphakathi jikelele.

a


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved