AMAKHOSI ASE-ALFRED DUMA ACELA KUQINISWE EZOKUPHEPHA KUMA-BALLOT BOX NGAPHAMBI KOKHETHO


Amakhosi ase-Alfred Duma Local Municipality acele ukuba kuqiniswe kakhulu ezokuphepha kuma-ballot box njengoba kusondela ukhetho lohulumeni basekhaya.

Lokhu kuvezwe emhlanganweni lapho inhlangano yokhetho, OThukela (IEC), beyethula uhlelo lwayo lokhetho phambi kwamakhosi kanye nezikhulu zikamasipala emahhovisi kaMeya uZama Sibisi izolo.

INkosi uZwane igcizelele ukuthi ivoti libaluleke kakhulu njengoba linomthelela ekubusweni kwezwe lonke. Uthe kuyakhathaza uma kuvela imibiko yokuthi kukhona ama-ballot papers alahlekile noma atholakala elahliwe.

Uphinde wathi ukuvikelwa kwama-ballot kumele kufane nokokuvikelwa kwezimoto ezithwala imali, ukuze kuqinisekiswe ubuqotho benqubo yokhetho.

Amakhosi athe ukubambisana phakathi kweziphathimandla zokhetho nomphakathi kubalulekile ukuze kuqinisekiswe ukhetho olukhululekile noluthembekile.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved