IMEYA YASELANGALIBALELE IZOBAMBA IQHAZA EMASHINI ELWISANA NABOKUFIKA ABANGEKHO EMTHETHWENI


Imeya yaseInkosi Langalibalele Local Municipality uMduduzi Myeza imemezele ukuthi izoba yingxenye yemashi ephikisana nabokufika abakuleli ngokungemthetho, ehlelwe ukuthi yenzeke kusasa eDurban.

Le mashi eyaziwa ngokuthi March and March ihlose ukuhlanganisa abantu baseNingizimu Afrika abakhathazekile ngezindaba zokungena kwabantu bakwamanye amazwe ngokungemthetho kanye nomthelela walokhu emisebenzini nasemabhizinisini.

UMyeza uveze lokhu ekhasini lakhe kuFacebook, lapho athe uzoba khona eDinuzulu Park ngo-9 ekuseni lapho abahlanganyeli bezohlangana khona ngaphambi kokuqala kwemashi.Abahleli bemashi banxuse abantu abaningi okubalwa kubo intsha engasebenzi, osomabhizinisi abancane, abathengisi basemgwaqweni, abashayeli bamaloli, abasebenzi bezindawo zokudlela, kanye nabanye abasebenza emikhakheni ehlukene ukuba babambe iqhaza kulo mkhankaso.


Uthukela Times All Rights Reserved