Umphakathi waseZakheni eMnambithi usukhale kakhulu ngezigubhu zikagesi ezintsha ezisanda kufakwa u-Eskom, uthi zidla ugesi kakhulu kunalezo ezindala.
Lezi zigubhu zifakwe ngenhloso yokunciphisa ukurojwa kukagesi emphakathini. Kodwa izakhamuzi zithi kusukela zafakwa, ugesi usuphela ngokushesha kakhulu.
Esinye sezakhamuzi esikhulume naleli phephandaba sithe ngaphambili ugesi ka-R300 ubuhlala phakathi kwamaviki amabili kuya kwamathathu esigubhini esidala, kodwa manje awusafiki ngisho iviki.
Lokhu kuza ngesikhathi iNational Energy Regulator of South Africa (NERSA) isivumile ukukhuphuka kwentengo kagesi ngo-8.76% kusukela ngomhlaka-1 Ephreli 2026. Kanti sekugunyaziwe nokuthi kube nokunye ukukhuphuka ngo-8.83% ngo-2027 njengengxenye yohlelo lweminyaka emithathu oluphela ngoMashi 2028.
Izakhamuzi zithi lokhu kubenza bakhathazeke kakhulu njengoba zikholelwa ukuthi izigubhu ezintsha zidla ugesi kakhulu ngesikhathi amanani nawo eqhubeka nokukhuphuka.

