IMEYA YASE-ALFRED DUMA IBONGE ABASEBENZI UMASPALA UQOQA IZINDONDO


IMeya yoMasipala Alfred Duma Local Municipality uMnu. Zama Sibisi ubambe isithangami sabezindaba namhlanje eveza ukujabula ngemiklomelo etholwe wumasipala emcimbini we Municipal Excellence Awards Ceremony obubanjelwe eThekwini ngaphansi koMnyango we KwaZulu-Natal Department of Cooperative Governance and Traditional Affairs oholwa uMEC Thulasizwe Buthelezi.

UMasipala i-Alfred Duma uhambe nemiklomelo eminingana okubalwa kuyo iBest Sustained Sound Financial Management Award, iMost Functional Disaster Management Centre Award kanye neMost Functional Municipal Fire and Rescue Services Award. Umasipala uphinde waba yiOverall Winner wathola isheke elingu-R1.5 million.

USibisi uthe umklomelo weMost Functional Disaster Management Centre ubalulekile ngoba ngesikhathi eqala ukusebenza sasingekho nhlobo isikhungo sokuphatha izinhlekelele. Uthe lesi sikhungo sasungulwa ngo-2023/2024 futhi manje sekukhona neziteshi zomlilo eEzakheni naseEkuvukeni.

Mayelana nomklomelo wokuphathwa kahle kwezimali, uthe isimo sezimali sikamasipala sime kahle kangangokuthi ungakwazi ukuqhubeka ukusebenza izinyanga ezingaphezu kwezintathu ngaphandle kokuqoqa izintela kubahlali.

Uthe imali engu-R1.5 million etholakele izofakwa esikhwameni sikamasipala ukuze isetshenziswe ukuthuthukisa ukulethwa kwezinsiza emphakathini. Uphinde wabonga abasebenzi bakamasipala ngomsebenzi onzima abawenzayo.


Uthukela Times All Rights Reserved