Ubunomunyu nosizi umngcwabo kasomabhizinisi waseMnambithi uMndeni Mwelase (Nxumalo), njengoba umndeni, abangani kanye nomphakathi bebemvalelisa okokugcina. Inkonzo yomngcwabo ibibanjelwe eHholo Lomphakathi eSteadville, e-Area J, lapho izihlobo, abangani namalungu omphakathi behlangene khona ukuzokhumbula impilo yakhe.
Abakhulume emngcwabeni bachaze uMwelase njengomuntu onomusa, ohloniphekile futhi othanda kakhulu umndeni wakhe. Bathi ubengumuntu osebenza kanzima futhi owakha ubudlelwano obuhle nabantu abaningi emphakathini.
UMwelase udutshulwe wabulawa ngempelasonto edlule endaweni yakwaMaqanda eMnambithi. Ngesikhathi sesigameko ubekanye nomngani wakhe uLindokuhle Mkhwanazi, naye owadutshulwa washona.
Ukubulawa kwalaba bobabili kushiye umphakathi uthukile futhi udangele kakhulu. Abantu abaningi baveze ukukhathazeka ngokwanda kobugebengu endaweni.
Amaphoyisa asaqhubeka nophenyo ngaleli cala, kanti umphakathi unxuswa ukuthi ubambisane nabomthetho uma kunolwazi olungasiza ekutholeni abasolwa.

