UHLABISA UZOVAKASHELA ISIFUNDA SASOTHUKELA UKUZAMA UKUNGENELELA EZINKINGENI EZIKHUNGETHE LOMASPALA


UNgqongqoshe Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zendabuko, uVelenkosini Hlabisa, ucele ukungenelela okuphuthumayo kuzwelonke nasesifundazweni kuMasipala Wesifunda saseThukela phakathi kwezinselelo zezimali nezokulethwa kwezinsizakalo eziya ziba zimbi kulomaspala.

Encwadini ayibhalele uNgqongqoshe Wezezimali wase-KZN, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, uHlabisa uqinisekise ukuthi izinyathelo zomthetho zakamuva zenkampani iRASP ziholele ekuvalweni kwe-akhawunti yasebhange kamasipala. Lokhu kubeke ukukhokhelwa kwemiholo yabasebenzi, izibopho zikamasipala kanye nokuqhubeka kwezinsizakalo ezibalulekile engcupheni enkulu.

UHlabisa uthe lesi simo sidinga ukufakelwa izibuko ngokushesha futhi wacela kwenziwe uhlelo lokuzinzisa loMaspala oluhlelekile ukuze kuvinjelwe ukuwa bhu phansi kwawo. Kulencwadi uthe uzohambela uThukela ngomhlaka-9 Mashi 2026 ukuze axhumane ngqo nabathintekayo ukuze kuphunywe nekhambi.

Ithimba lobuchwepheshe elisezingeni eliphezulu, eliholwa yiPhini LikaMqondisi-Jikelele Wezokusebenza Nokusekela Kohulumeni Basekhaya, lizothunyelwa ngaphambi kokuvakasha kwakhe ukuze kuphuthunyiswe imizamo yokuzinzisa isimo.


Uthukela Times All Rights Reserved