UMEYA WASELANGALIBALELE UXOLISA NGOKUBHUNTSHA KOKUBONISWA KOMDLALO EWENEEN NASEMTSHEZI


IMeya yaseLangalibalele, uMhlonishwa Mduduzi Myeza, isidlulise isixolise emphakathini kulandela ukubhuntsha kokuboniswa komdlalo obuphakathi kwe-Orlando Pirates neKaizer Chiefs obekuhlelelwe eLampark Park naseWeenen ngoMgqibelo.

Ngokwesitatimende esikhishiwe, uMeya uthe uMkhandlu wenze konke obekumele kwenziwe, kodwa inkampani ebibhekele ukufakwa kwama-screens ayizange iwufeze umsebenzi wayo njengoba bekulindelekile. Lokhu kuholele ekutheni umcimbi ungahambi ngendlela ebihleliwe, okudale ukudumala emphakathini.

UMeya uveze ukuthi uyazithoba futhi uyakuqonda ukudumala kwabantu, egcizelela ukuthi akukho sizathu esingabekwa ngaphandle kokuxolisa. Uthe lesi sigameko sifundise uMkhandlu isifundo esibalulekile mayelana nokwethembela kubahlinzeki bezinsiza.

UMeya unxuse umphakathi ukuthi wamukele uxolo, ethembisa ukuthi izinyathelo zizothathwa ukuqinisekisa ukuthi izinhlelo zesikhathi esizayo zizoqhutshwa ngendlela ehlelekile futhi enokwethenjelwa.


Uthukela Times All Rights Reserved