UMEYA UPHOTHULA IMAYORAL BACK TO SCHOOL CAMPAIGN EWEENEN CLUSTER


UMeya waseLangalibalele uMhlonishwa Mduduzi Myeza uphothule ngokusemthethweni umkhankaso we-Mayoral Back to School Campaign izolo, mhla zingama-27 kuNhlolanja 2026, ngokuvakashela iGanahoek Combined High School kanye neNkangala High School ngaphansi kweWeenen Cluster.

Lo mkhankaso wenziwa minyaka yonke ekuqaleni konyaka, lapho uMkhandlu unikela khona ngomfaniswano wesikole ophelele kanye ne-laptop esikoleni ngasinye. I-laptop inikezwa iClass ka-2026 ngenhloso yokukhuthaza ukufunda ngokuncintisana, lapho umfundi ozokwenza kahle ezivivinyweni zikaJuni ezohlomula ngayo.

UMeya uthe lolu hlelo luhlose ukuqinisekisa ukuthi abafundi, ikakhulukazi abavela emakhaya ahlwempu, bathola amathuba alinganayo ukuze bangaphazamiseki ezifundweni zabo.

IGanahoek Combined High School, ngaphansi kukaThishanhloko uMnu Mbhele, ithole u-87,5% pass rate ngo-2025, kanti iNkangala High School, eholwa uMnu Sekonyela, ithole u-86,6%.

UMeya uhalalisele othishanhloko, othisha, abazali kanye nabafundi ngokusebenza ngokuzikhandla, wathi uyaziqhenya ngemiphumela yabo.


Uthukela Times All Rights Reserved